‘Ngemva kokuqeda iziqu zokuqala e-UKZN, ngase ngivele ngisijwayele isikhungo, nokho ngangichazeke kakhulu yiHhovisi lokuqhuba izifundo leSikole SezeSayensi YezeMpilo. Abasebenzi bakhona bawusizo kakhulu futhi bayasekana. Iqhaza likameluleki ngocwaningo likhulu kakhulu njengoba engisizile ukuthi ngibekezele ezifundweni. Ngeke nginanaze ukwenza ezinye izifundo e-UKZN ngomuso. ’ kusho uNks uLondeka Noxolo Zulu othweswe izuqu zeMasitazi kwi-Ophtomethri.
Umfundisi wase-UKZN uNomakhosi Sibisi uthweswe iziqu zobudokotela beziFundo zeSayensi Yobugebengu nokuPhenya ngocwaningo lwakhe obelubheka udlame ezikoleni, obusobala nobucashile, ngeso labagilwa nalabo ababona begilwa.
Ngenkathi uNks u-Dharini Rangasamy ophase i-Bachelor of Laws (iLLB) ngamalengiso u-cum laude eqala izifundo zakhe, wayengakaze acabange ukuthi uyoziqeda ngesikhathi sobhubhane lomhlaba nokuthi kubo bazoguliswa yileligciwane.
‘Abasekhaya nami saphathwa yi-COVID-19 ngonyaka odlule, ngeshwa ngabanjwa yi-COVID edonsayo ngesimesta yokugcina,’ kusho uNksz u-Rangasamy.
Into engikhuthaze ukwenza imasitazi e-UKZN kube ngabafundisi bakhona. Ngibone ukuzinikela kwabo okukhulu, okungenze ngafuna ukuthola okunye okuningi kubona nokuthi ngithuthukise ulwazi lwami emkhakheni engiwaziyo. Bengifisa ukuthola ulwazi oluningi ngamandla,’ kusho uMnu uThabang Chabalala, othole u-cum laude kwi-MSc Statistics.