Bafundi
Niqede izifundo zenu phakathi kobhubhane olusongela ukuphila futhi olusaqhubeka luphazamisa zonke izici zokuphila. Siyaqonda ukuthi bekungelela, ukuthi kube inselele eyingqayizivele kodwa, nakhu ke – nibekezelile futhi naphumelela. Ngiyanihalalisela, iklasi lokuqala lowezi 2021. Siyaziqhenya ngani nonke nokuzikhandla kwenu ukuzuza ukuba ingxenye yalomcimbi, noma ke uzobanjwa ngobuchwepheshe.
Lena kube indlela ende yokuzikhandla, yokufunda nokwandisa kabanzi ulwazi oluphelele empilweni. Manje nifanelekele ngokuzenzakalelayo ukuba yingxenye yeqembu lochwepheshe abanamakhono abanethuba elifanelwe lokusabalala ezweni nigqugquzele ubunyoninco. Isizwe sethu sibheke ngabomvu uxhaso lwenu ukukhulisa nokuchumisa izwe lethu ngayoyonke indlela – futhi siyathemba ukuthi kuzoba okuphawulekayo futhi okunenjongo njengezifiso zenu.
Siyaziqhenya ikakhulukazi ngokuthi seniyingxenye ye-Alumni, okuwudumo oluhlukile olusibophezela njengomndeni wase nyuvesi esikhathini esizayo. Inyuvesi iyakwazisa lokhu kakhulu futhi iyanincenga nikhumbule ukuthi isikhungo siyakudinga ukwesekwa abafundi asebegogodile – futhi ubuchwepheshe enibuzuze lapha – buhlale buhamba phambili empumelelwenni yemfundo yabafundi abalandela ngokuziqhenya empumelelweni yenu. I- UKZN iyohlezi ikwamukela ukubamba iqhaza kwenu koyo yonke imisebenzi yayo kanye nezakhiwo ukwenza kube indawo encono yokufundisa nokufunda, ukucwaninga kanye nokuzibandakanya komphakathi.
Niphothulela emhlabeni ohlukile kunalona ebeniwuhlelile. Lolubhubhane luzobumba futhi lushintshe impilo yenu okwesikhathi esithile. Kunomsebenzi omningi okumele wenziwe phakathi kwezigaba ebezilandelana zegciwane, nenselele enkulu ngaphambi kwethu yokwakha imiphakathi yethu nomnotho uma sesikwazile ukudlula kulenkinga yezempilo… siyaziqhenya ngokuthi abathweswe iziqu e-UKZN bazoba ingxenye yabanethalente elinekhono elizosiqhubela phambili njalo.
Umphakati wasenyuvesi yethu uyaqhubeka usigqugquzela ngezindaba ezimangalisayo zempumelelo, okufeziwe, umusa, inhliziyo enhle, ubuhle nokuphana. Ukuhlala sixhumene sekube okubalulekile kunakuqala futhi i-UKZN ibheke phambili ekuzibandakanyeni nabafundi bayo abagogodile kuze sizuze ngokufanayo.
Ungenza isiqiniseko sokuthi uhlala uxhumekile nezindaba zakamuva zase nyuvesi kanye nokuthuthukiswa okusha e-UKZN ngokusebenzisana nethimba lezobudlelwane kwabafundi asebegogodile.
Sibheke ngabomvu ukuxhumana nani futhi maduze
Izilokotho ezinhle
Ithimba le-Alumni
University of KwaZulu-Natal